Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • Namuhla

ULwesibili, Septhemba 16

Siye sakholwa futhi sesiyazi ukuthi ungoNgcwele kaNkulunkulu.—Joh. 6:69.

Umphostoli uPetru wayeqotho, akavumelanga lutho lumyekise ukuba umlandeli kaJesu. Ngesinye isikhathi wazibonisa ukuthi uqotho lapho uJesu esho into abafundi bakhe abangazange bayiqonde. (Joh. 6:68) Abaningi bayeka ukulandela uJesu, bangalinda ukuba achaze. Kodwa uPetru akakwenzanga lokho. Waqaphela ukuthi nguJesu kuphela “onamazwi okuphila okuphakade.” UJesu wayazi ukuthi uPetru nabanye abaphostoli babezomshiya. Noma kunjalo, uJesu washo amazwi abonisa ukuthi wayeqiniseka ukuthi uPetru wayezobuya aqhubeke ethembekile. (Luka 22:​31, 32) UJesu wayeqonda ukuthi “umoya uyafisa, kodwa inyama ibuthakathaka.” (Marku 14:38) Ngakho, ngisho nangemva kokuba uPetru emphikile, uJesu akazange amlahle lo mphostoli wakhe. Ngemva kokuba uJesu evusiwe wabonakala kuPetru—ngokusobala ngesikhathi uPetru eyedwa. (Marku 16:7; Luka 24:34; 1 Kor. 15:5) Kumele ukuba lokho kwamkhuthaza kakhulu lo mphostoli owayedangele! w23.09 22 ¶9-10

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ULwesithathu, Septhemba 17

Bayajabula labo okuthethelelwe izenzo zabo zokungabi namthetho nabazono zabo zimboziwe.—Roma 4:7.

UNkulunkulu uthethelela noma amboze izono zabantu abanokholo kuye. Ubathethelela ngokuphelele, angabe esazibala izono zabo. (IHu. 32:​1, 2) Ubabheka njengabangenacala nabalungile ngenxa yokholo lwabo. Nakuba u-Abrahama, uDavide nezinye izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile kwathiwa balungile, babesenesono. Kodwa ngenxa yokuthi babenokholo, uNkulunkulu wababheka njengabangenaphutha ikakhulukazi uma beqhathaniswa nalabo ababengenalo nhlobo ukholo. (Efe. 2:12) Njengoba umphostoli uPawulu ekwenza kucace encwadini yakhe, ukholo lubaluleke kakhulu ukuze umuntu abe umngani kaNkulunkulu. Lwalubalulekile ku-Abrahama noDavide, lusabalulekile nakithi. w23.12 3 ¶6-7

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ULwesine, Septhemba 18

Njalo masinikele kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa, okuwukuthi, amazwi aphuma emilonyeni yethu avuma obala igama lakhe.—Heb. 13:15.

Namuhla wonke amaKristu anelungelo lokunikela ngemihlatshelo kuJehova ngokusebenzisa isikhathi sawo, amandla awo nezinto anazo ukuze athuthukise imisebenzi ephathelene noMbuso kaNkulunkulu. Singabonisa ukuthi siyalazisa ilungelo esinalo lokukhonza uJehova ngokunikela kuye imihlatshelo engcono kakhulu. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngezici ezihlukahlukene zenkonzo yethu okufanele siqikelele ukuthi siyazinaka. (Heb. 10:​22-25) Lezi zici zihlanganisa ukuthandaza kuJehova, ukushumayeza abanye ngethemba lethu, ukuhlangana ndawonye njengebandla nokukhuthazana, ‘ikakhulu njengoba sibona usuku [lukaJehova] lusondela.’ Ngasekupheleni kwencwadi yesAmbulo, ingelosi kaJehova iwasho kabili la mazwi ukuze iwagcizelele, ithi: “Khulekela uNkulunkulu!” (IsAm. 19:10; 22:9) Kwangathi singelinge sikhohlwe yileli qiniso elijulile elimayelana nethempeli likaJehova elikhulu elingokomoya nelungelo elimangalisayo esinalo lokukhonza uNkulunkulu wethu omkhulu! w23.10 29 ¶17-18

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela